Ngabe ukubhema kuyinto efanele yini ukuba ngiyenze?
Kwadingeka ukuba bangihlinze basuse ibhokisi lephimbo (i-voice box). Manje sengiphefumula ngembobo esemphinjeni wami
Ngangicabanga ukuthi angeke kwenzeke ukuba nami ngiphathwe ngumdlavuzakodwa-ke ngenza iphutha
Hlukana njengamanje nokubhema usakwazi ukuphefumula, ukukhuluma nokuhamba
Kunzima kangakanani ukuyeka ukubhema?
Yingani kumele uyeke ukubhema?
Shono yini-ke ekuvimbayo?
Ngabe ufuna ukuyeka ukubhema, kodwa awazi ukuthi kumele uqalephi Uma kunjalo leli bhukwana lizokusiza?
Sizokusiza uyeke ukubhema unomphelo - ngokuthi sikuchazele ukuthi kwenzekani uma uyeka ukubhema, nokuthi yingani kwenzeka njalo sikuchazele nokuthi ungabhekana nezinkinga ongahle uhlangabezane nazo.
Usebenza ekutheni ungaphinde uwuthinte ugwayi.
Nganginovalo lokuyeka ugwayi. Ngangizitshela ukuthi: "Nginegcindezi enkulu, nginovalo, angiziboni ngizokwazi. Konke kwakubukeka kungumthwalo omkhulu. Ngakuzama ukuyeka, kwenzeka manje sengiyaye ngizibuze ukuthi yini eyayingikhathaza". (Umuntu obebhema osikilidi abangama-30 ngosuku iminyaka eyi-12).
Abanye abantu bakuthola kulula ukuyeka ukubhema. Abambalwa bakuthola kunzima kakhulu. Kodwa kwabaningi, ukuyeka ukubhema akuyona into elula kungeyona futhi into engenakwenzeka.
Ngakhetha usuku ngase ngibambelela kulona. Kwaba lula kunalokho engangicabange ukuthi kuzoba yikona ngemuva kwezinkulumo zokubuyela
Ngazama amahlandla amathathu. Ngagcina kimina iphakethe. Ekugcineni kwaba wukuzitshela kanti ngacishe ngasangana amasonto amathathu
Mina nomngani wami sanquma ukuwuyeka kanye kanye. Ngakho sasizana nokwenza ukuthi kube lula
Ngizizwa ngijabule futhi ngikhululekile. Uma sengicabanga emuva ukuyeka ugwayi akubanga neze yinto enzima
Uma nje usuzitshelile engqondweni ukuthi uyawuyeka ugwayi, ungakwazi ukuwuyeka
Bevile ezigidini ezingama-40 abaseMelika abawuyeka unomphela ugwayi, babe yizigidi eziyi-11 abaseBrithani nezigidi zalapha eNingizimu Afrika. Isenzo salaba bantu sifakazela ukuthi ngempela uma uzitshela ngokuthi ufuna ukuyeka ugwayi, yinto ongayenza.
Bhekana ngqo nale yonto oyesabayo ukuze uqede lolo valo
Ziningi izizathu zokuyeka ukubhema. Cishe kunesiqiniseko sokuthi uzophila isikhathi eside futhi uzobe uzivikela ezinhlungwini nasekungenweni yizifo. Ukwehlukana nomkhuba wokubhema ugwayi kuzokwenza uzizwe ukujabulela ukuba nguwena.
Nazi ezinye izinto ezinhle ngokuyeka ukubhema ugwayi. Beka uphawu kulezo ocabanga ukuthi zibalulekile kuwena.
Awucabange nje ngempilo yakho ungasabhemi futhi usuphila kahle.
Manje qedela lo musho ngokubhala phansi izizathu ezibalulekile zokuyeka ukubhema.
Nginqume ukuyeka ukubhema ngoba...
ENingizimu Afrika izifo ezidalwa wugwayi zibulala abantu abalinganiselwa ku-25 000 njalo ngonyaka. Leli nani lilingana nendiza eyi-Jumbo ezofike ilayishe igcwale bese iphahlazeka ibulale wonke umuntu ogibele njalo EZINSUKWINI EZINHLANU.
Yingani ukubhema kuyingozi enkulu?
Ngaphezu kwalokho abantwana abazalwa ngomama ababhemayo makhulu amathuba okuthi bazalwe bebancane emzimbeni, bazalwe beshonile noma bashone ngaphambi kokuthi baqede unyaka.
Ngaqabula intombi yami yokuqala ngosuku olufanayo nengaqala ngalo ukubhema ugwayi.
Abantu ababahemayo baqala ukuba nezinkinga lapho sebeneminyaka engama-30 nama-40, kodwa noma kunjalo umuntu obhemayo oneminyaka eyi-18 akaphili kahle njengontanga yakhe ongabhemi.
Umndeni nabangani nabo bangazuza ngokuyeka kwakho ugwayi.
Izingane ezikhulela emakhaya anabazali ababhemayo makhulu amathuba okuthi zibe nesifo se-asthma noma uthole zifakwa esibhedlela ziphethwe yinyumoniya ne-bronchitis.
Umvuzo wokuyeka ukubhema kuwena, emndenini wakho nakubangani bakho niqala ukuwubona mhla uyeka ukubhema.
Intuthu yogwayi iyinhlanganisela yamakhemikhali evile ku-4500.
Ngesinye isikhathi ngiyaye ngihlale phambi kwesibuko ngizibuke ngihogela le ntuthu enobuthi. Ngicabange ukuthi ukuba ngangisenkanjini yezempi, kunomuntu ozama ukungenzisa leyonto, ngangifuna ukumbulala
Ngaphambi kokuphela kwamahora amabili kusuke kungasekho inikhothini egazini lakho.
Ngaphambi kokuphela kwamahora ayisithupha ukushaya kwenhliziyo yakho kushona phansi nokuthatha kwehlise izinga legazi emithanjeni yakho. Kungathatha izinsuku ezi-3 ukuya kwezingama-30 ukuba izinga legazi emithanjeni libuyele ezingeni elejwayelekile.
Phakathi kwamahora ayi-12 nangu-24, ubuthi ikhabhoni-monoksayidi buyaphuma emzimbeni wakho. Ukusebenza kwamaphaphu kuya ngokuba ngcono. Awuzukuba nenkinga yokuphelelwa ngumoya lapho wenza umsebenzi onzima kanti ukuzimisela kwakho ukuyeka ugwayi kuzoba ngcono.
Ezinsukwini ezimbalwa uzoqala ukuzizwa umsulwa unuka nakamnandi. Izinzwa zakho zokunambitha zizovuseleleka kanjalo nomuzwa wakho wokuhogela. Ungahle uzizwe ujabule kakhulu ngokukwazi ukwenza into obucabanga ukuthi angeke ukwazi ukuyenza.
Ezinsukwini ezimbalwa isikhwehlela esinqwabelene emaphashini sizoqala sithambe, bese ukhwehlela siphume emasontweni ambalwa alandelayo.
i-cilia, okuwuhlelo lomzimba lokuzihlanza, lukhombisa ukuba ngcono.
Kungathatha izinyanga ezintathu ukuba uhlelo lwe-cilia luvuseleleke ngokugcwele ukuze lukwazi ukuhlanza amashubhu amaphaphu ngendlela efanele. Esikhathini esingamasonto amathathu, amaphaphu akho asesebenza kangcono. Sekulula nokuzivocavoca.
Esikhathini esingaphansi kwezinyanga ezimbili, sekunobungcono ekuhambeni kwegazi eliya ezithweni ezahlukene zomzimba. Uba namandla athe xaxa (uzizwe wenelisekile futhi unokugculiseka).
Ngemuva kwezinyanga ezintathu indlela yokuhlanza amaphaphu akho izobe isisebenza ngokwejwayelekile. Uma ungowesilisa imbewu yakho izobuyela esimweni esijwayelekile kukhuphuke nenani layo.
Kancane kancane ukwakheka kwegazi lakho kuya kubuyela esimeni esijwayelekile kanjalo namaseli onqenqema lwamaphaphu. Lokhu kungahle kuthathe isikhathi eside.
Ngemuva kwezinyanga eziyi-12 ingozi yokuhlaselwa yisifo senhliziyo seyinciphe ngesigamu uma uqhathanisa nalabo bantu abaqhubekayo nokubhema. Esikhathini esingaphansi kweminyaka emihlanu ingozi yomdlavuza wamaphaphu nayo incipha ngesigamu.
Ngemuva kweminyaka eyi-15 ingozi yesifo senhliziyo isicishe ifane nakumuntu ongabhemi nhlobo.
Ake sibhekisise lokhu "kuzithokozisa". Ugwayi ukwenza ukhwehlele, ukhahlameze umphimbo wakho, ushiye amabala eminweni, udala izibi, unukubeza umoya, uyingozi engadala umlilo, kanti ngemuva kokuzithokozisa kwakho awukutholi ukugculiseka kudingeke uphinde futhi.
Ukubhema kuziveza njengomkhutshana omuhle, kodwa kukucekela phansi. Kuthatha isikhathi sakho, amandla akho nemali yakho. Okubi kunakho konke wukuthi kungathatha nempilo yakho. Nhloboni yomngani lowo?
Iqiniso wukuthi ingcindezi eqedwa wusikilidi ngeyokulangazela omunye usikilidi. Zikhona izindlela ezingcono empilweni zokubhekana nengcindezi kunokwethembela ogwayini.
Akukho ukuthi sewephuzile ukuyeka ukubhema. Ngisho ungaba neminyaka emingaki yobudala, ingozi yokuthola izifo ezidalwa wugwayi iyancipha uma uyeka ukubhema. Yebo kona uma usheshe wayeka kuba ngcono. Kanti akukho ukuthi kusemasisha kakhulu ekutheni ungayeka.
Kulokhu kungenzeka kwehluke. Usizo uluthola nje ngokushaya ucingo.
Izeluleko ezikuleli bhukwana sezisize izinkulungwane zabantu esezawuyeka ugwayi. Funda ngamaphutha akho esikhathi esedlule uphumelele kulokhu.
Nquma usuku ozoyeka ngalo ukubhema. (Musa UKUZAMA ukuyeka, kodwa YEKA UKUBHEMA). Khetha usuku olungeke lukunike ingcindezi, kodwa musa ngaloko ukuthola izizathu zokuhlehlisa usuku ozoyeka ngalo ukubhema. Zibekele usuku olusaqhele ngesonto ukuze ukwazi ukuzilungiselela ngokwengqondo.
Amalungu omndeni, abangani, kanye nozakwenu basemsebenzini bangaba wusizo olukhulu kumuntu ofuna ukuyeka ukubhema.
Ngicela ungibekezelela uma ngikhombisa ukusheshe ngicasuke ezinsukwini ezimbalwa emva kokuyeka ukubhema. Kuyinto ezophela khona maduze
Musa ukungilinga. Ukubona nokuhogela iphunga logwayi kuzokwenza ukuba kube nzima ukuthi ngiyeke ukubhema. Ngako musa ukunginika usikilidi, Kanti uma kungenzeka, musa ukubhema phambi kwami
Ngikhuthaze. Hlala njalo ngokungitshela ukuthi kuyakujabulisa ukuthi ngiyeke ugwayi
Ngiklomeliseni futhi ningincome. Nenze izintwana ezincane ezikhombisa ukuthi niyaziqhenya ngami
Ungangibeleseli. Khombisa ukusiqonda isimo sami
Ngikhuthaze uma ubona ngibhekene nobunzima. Ngitshele ukuthi ngibekezele
Zama ukuthola umuntu osawuyeka ugwayi - kube ngumuntu owake wabhema ngokwakhe. Thola umuntu ongamshayela ucingo noma kunini - umuntu ozolalela hhayi ozokwehlulela. Ungaphinde ujoyine iqembu labantu ababebhema ugwayi asebayeka - uma likhona endaweni yangakini.
Uzodinga izinto ezithile ezizothatha isikhala sokubhema. Ungathola ukweneliseka ngokudla ama-snekhi anoshukela omncane, ishungamu noma ngezinti zokukhipha ukudla ezinsinini. Ungagcina izandla zakho zimatasa ngokuphatha ipensela, weluke ubuhlalu noma udlale ngebhola lesikwashi.
Kumele unqume ukuthi uzosebenzisa amapheshi esikhumba(ama-skin patches), ishungamu noma isifutho somlomo esine-nikhothini. Lezi nsiza zingasiza kakhulu ekunciphiseni izimpawu zokuhoxa ngemuva kokuyeka ugwayi. Khuluma nodokotela noma usokhemesi wakho ngokushesha. Ungakwazi futhi ukuyeka ugwayi ngaphandle kokusebenzisa lezi nsiza.
Ngenxa yokuthi wenza izinguquko ezinkulu empilweni, kumele uhlale ngokuzenzela izinto zokuzithokozisa. Hlela izinto ezincane ongaziklomelisa ngazo ngokuqhubeka kwesikhathi.
Le miklomelo akudingi ukuthi kube yizinto ezibizayo. Kanti ungazikhokhela ngemali oyonga ngokuthi ungathengi ugwayi. Ezinye izibonelo kungaba yizincwadi, izimbali, ukuwotwa wotwa emzimbeni kanye nokuthola isikhathi esithe xaxa kulezo zinto ozithandayo. Faka imali oyongayo ebhodleleni zonke izinsuku uyibuke ikhula. Thengela owakwakho nabantwana izipho ukubabonga ngokukweseka kwabo.
Makhulu amathuba okuthi uphumelele ukuyeka ugwayi uma uzovele uyeke nya kunokuthi uyeke kancane kancane. Uma uyeka kancane kancane kwenza ukuthi lowo nalowo sikilidi ubaluleke kuwena bese kuba nzima ukuhlukana nosikilidi abambalwa bokugcina.
Kodwa-ke wonke umuntu wehlukile komunye ngalokho ungabona kungcono ukuwuyeka kancane kancane ugwayi ngaphambi kokuthi wehlukane nawo unomphelo.
Nciphisa izikhathi ozidonsayo kusikilidi ngamunye. Dweba umugqa ozungezayo phakathi nosikilidi. Bhema ufike kulowo mugqa ungedluli. Usuku nosuku wehlise lowo mugqa ukuze kunciphe usikilidi owubhemayo ngosuku.
Indlela engcono yokuyeka ukubhema wukuthi uvele uyeke - ungabi nazaba nazizathu ozibekayo
Faka ibhande lelastiki uvale iphakethe lakho likasikilidi ukuze kuthi uma udinga ukuvula iphakethe kudingeke ukuba ususe lona kuqala. Lokhu kuzokuvimba ekutheni uthathe ugwayi unganakile kunalokho kuzomele ucabange lapho uthatha isinqumo sokubhema.
Ngakho ukusuka namuhla bhema lowo gwayi owudingayo.
Bhema ugwayi wakho kuphela uyeke wonke omunye ugwayi owuphiwa ngabantu.
Ugwayi NOMA impilo.
Lahla bonke osikilidi ngisho nowokugcina.
Isikhala sikasikilidi sivale ngoshingamu ongenawo ushukela, ama-stroyi, izinti zokuvungula noma weluke ubuhlalu ukugcina izandla zenza okuthile kanjalo nomlomo.
Zethembe ukuthi uzophumelela. Ukuyeka ukubhema kuyinselelo. Ungakwazi ukukwenza futhi uphumelele!
Uma usebenzisa izinsiza ezifana noshingamu onenikhothini, ama-pheshi kanye nesifutho, qiniseka ukuthi uyazi ukuthi kusebenza kanjani. Funda ngokucophelela iphepha lemiyalo.
Bhema ugwayi wakho wokugcina uwuvalelise umkhutshana wakho omdala.
Namuhla wusuku olukhulu lokuyeka ukubhema. Wusuku lokuthi uzinake. Phumula nje ungazami mawala kokwenzayo.
Ukuyeka ugwayi ungaphinde uwubheme kubukeka kuyisinyathelo esibaluleke kakhulu. Ngakho bhekana nosuku ngalunye. Ungakucabangi ukuthi awuseyuphinde ubheme empilweni. Bhekana nosuku ngalunye empilweni. Zitshele nje ukuthi: "Angeke ngibheme namuhla", bese futhi ungabhemi. Yenza usuku lokuqala kube ngolukhethekile. Mhlawumbe ungahlala embhedeni uphuze ukuvuka noma usheshe uvuke ngaphambi kwesikhathi ojwayele ukuvuka ngaso. Phuza ijusi yezithelo njengesidlo sakho sasekuseni. I-esidi izosiza ekukhipheni inikhothini. Hlela ukuzijabulisa uma kuphela usuku kube nendlela yokuziklomelisa ngokuthi awuzange ubheme. Yiba nokuziqhenya futhi uzihalalisele ngalolo nalolo suku oluqede ngempumelelo.
Inhloso yakho ukuqeda usuku. Bhekana nentshisekelo eyodwa ngesikhathi uyinqobe.
Zakhele isimo esihlanzekile esinganaphunga logwayi eduze kwakho.
Gwema abantu ababhemayo. Chitha isikhathi esiningi nabantu abangabhemi.
Zigweme izindawo obuvama ukubhema kuzo futhi ungahlali lapho kubhenyelwa khona.
Esontweni lokuqala nelesibili, bugweme utshwala, ikhofi kanye nezinye iziphuzo ozeyamanisa nogwayi.
Zikhumbuze izizathu zokuyeka ukubhema.
Zitshele ukuthi: "Ngikhetha ukungabhemi".
Yenza lezi zinto ezinhlanu ezibhalwe ngezansi.
Sebenzisa ishingamu ene-nikhothini, ama-pheshi noma isifutho uma ukhetha okunye kwalokhu.
Lena yindlela elula kodwa engakusiza kakhulu ekutheni ungawubhemi ugwayi. Okusempeleni kumele uphuze izingilazi eziphakathi eziyi-8 ukuya kwezi-10 amanzi noma ojusi ngosuku. Amanzi azokusiza ekutheni akhiphe inikhothini emzimbeni wakho. Ungaphuzi amanzi amaningi uma usebenzisa ama-pheshi enikhothini, ishingamu noma isifutho.
Uma singashintshi asikhuli. Uma singakhuli kusho ukuthi asiphili. Ukukhula kungasho ukuyeka into ethile eyejwayelekile esenza sibe nemikhawulo
Zigcine ungenaxhala ngokudonsa kakhulu umoya.
Ukuhlala umatasatasa kungakusiza ekutheni ingqondo yakho ikhohlwe wusikilidi. Isibonelo uma uqeda kudla, musa ukuhlala etafuleni ungageza izitsha, uxubhe, uthathe uhambo olufishane ngezinyawo, ugeze imoto noma ugeze inja.
Yenza uhla lwemisebenzi eyenzeka masishane nelula bese wenza omunye wayo uma uzwa ufikelwa yisifiso sokubhema. Zama ukugcwalisa iziphicaphicwano zamagama. Ufunde iphephabhuku . Lalela umculo. Luma luma izaqathi. Ungene ebhavini uphumule emanzini.
Ukuxoxa ngezinye izinto kungakusiza. Ukuxoxa nomuntu owayebhema osewayeka ukubhema kungasiza. Noma ushayele Isikhungo Esinika Ulwazi Ngogwayi kanye Nezempilo.
Inombolo ithi: 720 3145 ukuze uthole ukwelulekwa.
Umuzwa wokulangazela ugwayi uhlala imizuzwana embalwa ngemuva kwalokho unyamalale. Uma lokho kulangazelela kungekukhulu ungakwazi ukuthi ukuzibe. Bala ufike ku-100 noma usho inkondlo emfishane noma uthandaze. Ukulangazelela ugwayi yinto enganqotshwa.
Zinike imiyalo efana nokuthi: "Musa ukubhema!" "Ngiyayeka", "Ukuyeka ukubhema kunganzima kodwa ngingakwenza".
Yenza imicabango yakho ikusebenzele, kungabi yiyona ekuphazamisayo.
Uma kumele ucabange ngobumnandi bokubhema, kungcono ucabange ngamaphaphu amnyama angcoliswe yitiyela. Noma ucabange ngokuthi abantu bazophoxeka kanjani ukuzwa ukuthi sewubuyele ogwayini futhi.
Zikhumbuze ngalezo zinto ezikunciphisela umdlandla usikilidi noma ezikujabulisayo ngokuyeka ugwayi. Zitshele uthi: "Ngikhetha ukungabhemi".
Uma uzizwa unokudangala, zinike umfutho ngokuthi uzicabange uphile kahle, uphefumula kalula futhi uthokozela impilo. Ngubani-ke odinga ukuthi aze aphoqwe?
Ungabi nako ukuzidabukela. Ubunqotshwe yisilingo. Manje sekunguwe umnqobi. Ugwayi unganqotshwa!
Isonto lokuqala ngemva kokuba uyeke ukubhema uzolithola linzima kakhulu. Ngemuva kwalokho izinkinga eziqhamukayo uthola ukwazi ukubhekana nazo.
Abanye abantu ababi nazinkinga ezidalwa wukuthi bayeke ugwayi, yize-ke abanye beba nazo lezo mpawu eziyinkomba yokuthi umuntu uyekile ukubhema. Lezi nkinga zivama ukunyamalala ngemuva cishe kumasonto amabili, kodwa ezinye njengokulangazela ugwayi nokulamba zingakwazi isikhathi esithe xaxa.
Kuthatha cishe izinyanga ezintathu ngaphambi kokuba uzizwe ukhululekile esimeni sempilo yakho entsha yokungabhemi.
Abekho abantu ababili abafana nse - umuntu nomuntu wehlukile. Iningi lezeluleko mayelana nokuyeka ukubhema zizokusebenzela - kanti ezinye njalo angeke zikusebenzele. Kukuwe ukukhetha lezo zeluleko ezizokusebenzela.
Ngincamela ukungabhemi ngibe nesifiso sokubhema ngezikhathi ezithile kunokuthi ngibe wumuntu obhemayo ohlala njalo enesifiso sokuyeka ugwayi
Kungenzeka uqaphele izinguquko ezithile endleleni yakho yokuziphatha ngemuva kokuba uyekile ukubhema. Lokhu kuzokwenzeka izinsuku ezimbalwa kanti kuyinto eyejwayelekile.
Umuzwa wokulangazela ugwayi uhlala umzuzu kuya emizuzwini emi-5 ngaphambi kokuthi unyamalale. Yenza okuthile uze wedlule lo muzwa - njengokuthi uphuze amanzi, noma uzivocavoce ngendlela ezokwenza udonse umoya.
Musa ukuthatha izinto mawala. Ungazikhandli kulezi nsuku ezimbalwa ezizayo. Zinike isikhathi sokuzivocavoca. Sebenza isikhashana esifushane bese uzinikeza isikhathi sekhefu. Qiniseka ukuthi uthola ukudla okufanele.
Qabula amanzi afudumele. Ukukhwehlela kuzoziphelela kona ngokwako.
Yelula izinyawo uthi ukuhamba, noma uhlale ebhavini elinamanzi ashisayo uzame nezinye izindlela zokuphumula. Khuluma nomuntu othile ngemizwa yakho.
Ukuzivocavoca okungatheni (njengokuhamba ibangana okungakuthatha imizuzu emihlanu ukuya kweyishumi) kungasiza ekuqedeni ukudangala. Izinkinga zakho zingaxazuluka. Bhekana nenkinga ngayinye ngayinye noma kancane kancane.
Yidla ama-phophukhoni, izaqathi, ama-phruni kanyenezinye izidlo zokuthiba indlala ezinganiki amandla. Yidla izilinganiso zokudla ezincane eziyisithupha ngosuku. Phuza kakhulu amanzi.
Hlala uzinikeze isikhathi ebhavini bese uphuza ingilazi yobisi olushisayo ngaphambi kokuthi uyolala. Uma kungalaleki, vuka ufunde noma ulalele umsakazo. Ukuzivocavoca ngaphambi kokuba uyolala nako kungasiza.
Ezinye izimpawu ezivamile: umlomo owomile, umphimbo obuhlungu, ikhanda elibuhlungu, izinkinga zokugayeka kokudla, ukukhathala, ukugcwala izinyembezi nezilonda emlonyeni.
Nansi indlela elula yokukusiza ukuthi ukhululeke futhi uzizwe ungenaxhala. Qala ngokunciphisa umsindo endaweni okuyo. Hlala ukhululeke, uvale amehlo bese uphefumula ungabangi umsindo. Gxilisa ingqondo yakho ekuphefumuleni kwakho uphimise amagama athi "ngikhululekile" noma "ngiphumule" ngesikhathi ephefumula. Ngemuva kwemizuzu emi-5 ukuya kweyi-10 uzozizwa unokuqabuleka kabusha.
Ngokwejwayelekile, umuntu obebhema uvama ukukhuluphala ngamakhilogramu amabili lapho eseyekile. Lokhu kudalwa wukuthi umzimba wakho usebenzisa amandla amancane kunaphambilini. Okunye wukuthi abantu abasanda kuyeka ukubhema bayadla esikhundleni sokubhema.
Hlela izidlo zakho.
Musa ukukhathazeka uma ukhuluphala. Isisindo somzimba wakho kuzohamba kuhambe sime ndawonye bese futhi uncipha ngamakhilogramu ambalwa.
Ukubhema akuyona indlela ongalawula ngayo isisindo somzimba wakho. Zikhona izindlela ezingcono zokwenza lokho. Umvuzo wokuyeka ugwayi mkhulu kunengozi engabangwa wukukhuluphala ngamakhilogramu ambalwa. Uma udinga olunye ulwazi ngezindlela zokudla ezinempilo shayela i-Heart Foundation of Southern Africa kule nombolo 0800 223 222.
Kusuke kukhona okungahambanga kahle. Ube nogwayi. Uzizwa unecala kanti usengozini yokuthi ungaphinde ubuyele ogwayini. Akumele uphinde ubheme.
Umehluko phakathi kwento engenzeka naleyo engenzeke kuse ukuzimiseleni komuntu
Funda olwazini olutholayo. Yini eyenze wafikelwa ngumuzwa wokufisa ugwayi Ngabe kube wukubona ugwayi noma kube wukuzwa iphunga lawo Ngabe lokho kukulethele isimo esinengcindezi Yini obungayenza ukugwema ukubhema ugwayi Uyokwenzenjani ngesikhathi esizayo uma uphinda ufikelwa ngumuzwa wokubhema?
Manje phinda ubukeze izizathu zokuyeka kwakho ugwayi bese uzitshela ukuthi: "Angeke ngidlale ngamandla ami, namanje ngisewumuntu ongabhemi!", bese uqhubeka nokuwuyeka ugwayi.
Usuku lwanamuhla luyinselelo enkulu; yingani-ke wena ufune ukuluhlanganisa nolwakusasa Sebenzisa izinsiza zokuyeka ukubhema nomuntu okwesekayo, ukhumbule ukudonsa kakhulu umoya kanye nokuzivocavoca?
Yiba nesibindi. Isimo esinzima sizobe sesedlule esikhathini esiyisonto, kodwa kungathatha izinyanga ezintathu ukuba ujwayele kahle ukuba ngumuntu ongabhemi.
Ukusuka esontweni lesi-2 ukuya kwele-6...
Ngemuva kokuba sezishabalele izimpawu zokuthi uyekile ukubhema kungenzeka uzithole ubhekene nomthwalo wokuthi nengqondo mayemukele. Ngakho qiniseka ukuthi uyaziklomelisa ngokungawuthinti ugwayi. Uma ufikelwa ngumuzwa wokulangazela ugwayi khuluma nengqondo yakho. Zikhumbuze ukuthi: "Ngikhetha ukungabhemi". Yithi "CHA" namuhla, uthi "CHA" kusasa nangezinye izinsuku ezilandelayo.
Wukucabanga ukuthi usikilidi owodwa angeke ukukhinyabeze kanti ungakulimaza. Bambalwa abantu ababhema ngezikhathi ezithile kuphela. Ngokuvamile kuba wukuthi umuntu uyabhema ngokuphelele noma akabhemi.
Ukubhiyoza: Ukuba nabantu ababhemayo endaweni enotshwala kuyinkinga enkulu ngakho kudinga uqaphele kakhulu. Musa ukuzinikeza imvume yokubhema zinikeze imvume yokuphila kahle.
Inkinga: Izinto zibukeka zixakile kanti ukuthi uyabhema noma awubhemi akwenzi mehluko. Kodwa-ke yazi ukuthi nanoma yiyiphi inkinga iyedlula kanti uma seyedlule kuzomele uqale phansi uzame ukuyeka ukubhema ugwayi.
Halala usukuyekile ukubhema. Kodwa-ke kunomehluko ukuyeka ugwayi kunokuhlala umsulwa ungabhemi.
Kulesi sigaba uzothola ukuthi abantu sebeyekile ngokuthi wenze kahle wayeka ugwayi. Ngokwabo konke sekuphelile. Kodwa umuntu owazi kahle nguwena. UNGAVUMI UKUPHELELWA WUGQOZI. Ukuhlala ungabhemi nako kuwumkhuba okumele uwejwayele. Uma uhlezi isikhathi eside ungabhemi lokho kuzohamba kuthatheke njengendlela okumele ilandeleke empilweni.
Kuzothatha isikhathi esingakanani ngaphambi kokuba ukulangazela ugwayi kuphele unomphela?
Kunzima ukunquma isikhathi okuzosithatha. Kwabanye abantu kuthatha izinsuku ezimbalwa. Kwabanye umuzwa wukufisa ugwayi uthatha isikhathi ukuba uphele - yize-ke uya ngokuya wehla.
Indlela engcono yokubulala umuzwa wokufuna ugwayi wukuthi kuthi lapho ukufikela ungabhemi. Uma ubhema uzokwenza ukuthi lomuzwa ube namandla.
Yingani kulukhuni kangaka ukwehlukana nogwayi?
Uma uzitshela ukuthi ugwayi uyawuthokozela noma ubheke ukuba ukunikeze ukukhululeka okuthile - uzohlala unaso isifiso sokulangazela ukubhema.
Uzokhululeka ekubeni yisigqila sogwayi uma ukubhema kungasenaso isikhala empilweni yakho.
Ngicabanga ukuthi usikilidi owodwa angeke udale monakalo uma besengiyekile ukubhema?
Usikilidi owodwa ungenza ukuthi "wokhele omunye ugwayi", kuthi kusenjalo uzithole usubuyele ngokuphelele ekubhemeni ugwayi.
Ngingekwazi nje nokubhema usikilidi owodwa ukuzihlola noma ukuzikhumbuza ukuthi kunjani ukubhema?
Lezi ngezinye zezizathu ezibekwa ngabantu abafuna ukubhema ugwayi. Yinto okumele uyithokozele ukuthi usukhohliwe ukuthi ugwayi uzwakala kanjani. Awudingi ukuthi uzikhumbuze ngokubhema omunye usikilidi. Sewudlule isigaba esibaluleke kakhulu. Usuyekile ukubhema.
Kusho ukuthini ukuqala phansi ubheme?
Ungalahli ithemba lokho akusho ukuthi uyisehluleki. Akuyena wonke umuntu ophumelela ngehlandla lokuqala. Abantu abaningi bazama izikhathi eziningana ngaphambi kokuba bawuyeke impela ugwayi. Kulokho nalokho kuzama kwakho kuba nento ethile oyifundayo eyokusiza ngesikhathi esilandelayo. Ngakho noma ubona engathi wehlulekile emkhankasweni wakho, usenako ukuyinqoba impi yogwayi.
Zilungiselele, ukhethe olunye usuku ozoyeka ngalo bese uqhubeka wenze isiqalo esisha empilweni. Kuyaye KUBE NGCONO kodwa ukuthi umuntu uma EYEKA UKUBHEMA AKWENZE KANYE LOKHO BESE EHLUKANA UNOMPHELA NOGWAYI.
Lezi zinto kutholakale ukuthi ziwusizo olukhulu. Amathuba akho okuphumela ukuyeka ugwayi aphindeka kabili uma uzisebenzisa uhlanganise nezinye izeluleko onikezwe zona kuleli bhukwana.
Ngizokwazi kanjani uma sengiwumuntu osekhululekile enkingeni yogwayi?
Uma ungasacabangi ngosikilidi. Uma ungasabali izinsuku. Uma usuyekile ukuqhosha ngokuthi awusabhemi, kunalokho ujabule nje ukuthi uwuyekile ugwayi.
Uma ukungabhemi usukuthatha ngokuthi yiyona ndlela efanele impilo okumele iqhubeke ngayo.
Ukuthola olunye ulwazi nezeluleko xhumana nodokotela wakho.
Ingaphandle lephaphu eliphile kahle lomuntu ongabhemi oneminyaka yobudala ephakathi kwama-44 nama-55. Amabala amnyama amancane ephashini adalwa wukuphefumula umoya wasedolobheni onukubezwe yikhabhoni.
Leli phaphu elidlavazekile lehlukile ephashini eliphile kahle. Ingxenye emhlophe ephezulu ngumdlavuza. Bese kuthi umonakalo omnyama ongaphandle ephashini udalwe yinkinga yokungasebenzi ngendlela kwephaphu.
Akekho phakathi kwakho nalabo abakuthandayo okumele abhekane nempi yalolu hlobo. Okuvelayo wukuthi ukuyeka ukubhema kungcono kunokulinda imiphumela edalwa wukuqhubeka nokubhema
Isebenza kanjani futhi kungani isetshenziswa?
Izigidi zabantu emhlabeni jikelele zisebenzisa indlela yokususa inikhothini emzimbeni (i-nrt) lapho zifuna ukuyeka ukubhema. Into ebalulekile okumele uyazi uma ufuna ukuyeka ugwayi wukuthi into onehuha kuyo yi-nikhothini hhayi usikilidi. Inikhothini yiyona ekwenza ube nenkinga yokuyeka ugwayi, kodwa-ke umonakalo owenzeka emzimbeni wakho udalwa yizakhi ezinhlobonhlobo eziwubuthi ezitholakala kuwo ugwayi: ikhabhoni-monoksayidi, itiyela, izakhi ezidala umdlavuza, isifo senhliziyo kanye nezifo zamaphaphu nezinye izinkinga ezingakhona empilweni nezidinga ukwelashwa.
Indlela yokususa inikhothini emzimbeni inciphisa ngokushesha zonke lezi zakhi eziyingozi ngokuthi ivale ukulangazela kwakho ngokuthi inike umzimba izilinganiso ezincane ze-nikhothini kuze kube usesimeni sokuthi ungawuyeka ugwayi. Awuzudinga ukuzikhandla uzama ukuyeka ukubhema uma usebenzisa i-nrt kunasesimeni lapho ungayisebenzisi.
Isifutho seNicorette sigcina izandla zakho zimatasatasa, ngakho uma ufuna ukukhohlwa yisejwayezi sokuhamba kwesandla siya emlonyeni lapho ubhema, isifutho seNicorette sizokulungela kahle kakhulu.
Uma ufuna ulwazi oluthe xaxa xhumana neMenenja Yohlanga lwe-Nicorette ku 516 5500.
